Kubulawe umfundi obeyotadisha
2012-10-26 09:04
Johannesburg - Abaduni badubule babulala intombazane yase-East Rand ebifunda umatikuletsheni, ngesikhathi isendleleni iyohlangana nabangani kuze bezotadisha, kusho iphephandaba iBeeld.
NgoLwesine uMinke Aucamp, 18, obefunda eJurgens High School, eSprings, udutshulwe emlonyeni ngesikhathi ephuma kubo ehamba ngemoto eyiHyundai Atos, ethi uyohlangana nabafundi atadisha nabo.
Umsizi wasendlini utshele amaphoyisa ukuthi uzwe isililo kwase kulandela ukuqhuma kwesibhamu, uthi uthe uma ephuma eyobheka wafica u-Aucamp esedutshuliwe, imoto yona ithathiwe.
Umfundi ushonele emagcekeni esibhedlela, abazali bakhe uCarol noWillie Aucamp, batshele abezindaba bathi lona bekunguzinyo bulala wabo, bathe balinda iminyaka eyishumi bezama ukuthola umntwana.
Amaphoyisa athungatha imoto enezinombolo ezithi:ZPB435GP.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).