Kubulawe umfundi ngaphandle kwamasango esikole e-KZN

2015-11-04 14:33

Durban – Umfundi kaGrade 9 KwaZulu-Natal ugwazwe washona ngaphandle kwesango lesikole ngoLwesibili ntambama, kusho uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe ngoLwesithathu.

UNgqongqoshe woMnyango uPeggy Nkonyeni ukhiphe isitatimende wathi uLungisani Ngema, obefunda eHlamvana High School, esifundeni uThungulu, uhlaselwe abasolwa ababili.

"Kuthiwa abasolwa bebemi esangweni kucacile ukuthi bacuthele umufi,” esho.

UNkonyeni uthe ushaqekile futhi wephuke inhliziyo ngalesi sigameko.

OLUNYE UDABA: Kubulawe obefundela ubudokotela eThekwini

“Siyabuhlaba kakhulu lobu bulwane obutshengiswe yila basolwa ababili obuthathe impilo yomfana obenekusasa eliqhakazile.

“Siyethemba ukuthi amaphoyisa azokwenza umsebenzi wawo akwazi ukubopha abenzi bokubi ukuze basuke emphakathini.”

UNkonyeni ucele ukuthi umphakathi wehlise umoya ungazithatheli umthetho ngezandla, kepha udedele amaphoyisa athungathe abasolwa.

“Sikhalisana kakhulu nomndeni wakwaNgema kulesi sikhathi esinzima. Kuyadabukisa kakhulu ukuthi lesi sigameko senzeke abafundi bebhala izivivinyo zokuphela konyaka,” ephetha.

 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...