Kubulawe owesifazane eKapa

2013-02-19 12:02

Cape Town - Owesifazane waseKapa ugwazwe wabulawa esekhaya lakhe e-Atlantis, okuyisenzo okusolwa ukuthi senziwe owayeyisoka lakhe, kusho umbiko ngoLwesibili.

ICape Argus ibike ukuthi umlisa ungene ekhaya likaMelandri Bukkies, 20, ngoMsombuluko ekuseni wamshaya wamgwaza ngommese ngaphambi kokuba abaleke. Ushonele khona lapho.

Umama wakhe okunguMina Arendse uthe indodakazi yakhe ibinencwadi evimbela ukuthi umsolwa angasondelani nayo.

"Kungenzeka ukuthi ubonile umsolwa ukuthi uyedwa ekhaya… siyethemba ukuthi amaphoyisa azombamba ngoba sesihlalele ovalweni lokuthi kungenzeka abuye,” kusho umama.

Amaphoyisa athe asamthungatha umsolwa.

Ikhansela lendawo uBarbara Rass lithe lesi yisehlakalo sesibili sokubulawa kowesifazane kule ndawo yabo esikhathini esingangesonto.

"Silahlekelwe amantombazane amabili – womalibi esemakhaya awo."

Isizwe sisanda kukhathazwa ukudlwengulwa ngokuhlanganyela kwaphinde kwabulawa ngesihluku u-Anene Booysen, 17, eBredasdorp, emakhaya aseWestern Cape.

Ngemuva kwesonto, kwaphinde kwathoakala isidumbu sikaGe-Audrey Bianca Green, 19, waseScottsville sifihlwe ngaphansi komhede.

Ngesonto eledlule, isidumbu sika-Anne Diane van Schalkwyk ,18, sitholakale ehlathini ngase-Atlantis.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Bavelile abasolwa ngokubulala iphoyisa

Emizuzwini eyi-18 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-25°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 6-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-20°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-19°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-18°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...