Kubulawe owesifazane eF State
2013-02-08 10:04
Johannesburg - Kutholakale owesifazane egwazwe washona emzini wakhe eRiebeeckstad, eWelkom, kusho amaphoyisa aseFree State ngoLwesihlanu.
Lo wesifazane, 38, uhambise umyeni wakhe emsebenzini nezingane zakhe esikoleni ngoLwesine ekuseni, kodwa wangafika ukuzolanda izingane esikoleni ntambama, kusho uConstable Kethabile Mofokeng.
Othisha bazamile ukumfonela, kodwa wangaluphendula ucingo kwase kuthunyelwa onogada emzini wakhe.
"Onogada bazithele kulo wesifazane elele echibini legazi enamanxeba amaningi okugwazwa esifubeni, entanyeni nasesiphundu.”
Ube esehlonzwa njengoshonele endaweni yesigameko.
Kube sekuboshwa umsolwa, nokulindeleke ukuthi avele enkantolo kungekudala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA