Kubulawe oweqe esikoleni sokuthwasa

2012-12-20 14:52
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amantombazane ayisithupha nabesifazane abane abasolwa ngokubulala owesifazane oweqe esikoleni sokuthwasa bavele eNkantolo yeMantshi yaseHartswater, eNorthern Cape ngoLwesine.

Leli cala libe selihlehliselwa uJanuwari 9, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Olebogeng Tawana.

La basolwa abayishumi -- amathwasa ayisishiyagalolunye nesangoma -- basolwa ngokubulala uGabaediwe Motsage, nowashaywa ngesitshwebhu wakhandwa ngamatshe washona ngoLwesibili.

UMotsage, 22, wayiswa kule ndawo ngoMsombuluko, weqa ngabo lobo busuku.

Leli qeqebana lase limjaha lamthola lambulala ngoba lithi uzokhipha izimfihlo.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 12-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...