Kubulawe owe-IFP eJozini
2012-06-14 13:58
Durban - Amaphoyisa athungatha abasolwa ababulale loyo owabe eyikhansela leNkatha Freedom Party eJozini esifundazweni iKwaZulu-Natal, kubika i-Eyewitness News.
UVelaphi Gumede ubethutha izingane ngemoto yakhe ngesikhathi ethola ucingo kothize othe ucela ukudonselwa imoto.
UGumede kuthiwa ube esebulawa kwashiswa nemoto yakhe.
Okwamanje imbangela yokubulawa kukaGumede ayikazeki, isikhulu se-IFP uBlessed Gwala uthi beyiqembu bethukile ngalokhu kubulala.
"Amaphoyisa kumele enze umsebenzi wawo, labo abanolwazi oluthile siyacela basebenzisane namaphoyisa kuze kuzoboshwa abasolwa," kusho uGwala.
Ngenyanga eyedlule kwadutshulwa kwabulwa amalungu amabili eNational Freedom Party eMsinga.
Ngenyanga kaFebhuwari kwabulawa indoda ehostela laseMlazi ngesikhathi kuqubuka udlame phakathi kwamalungu e-IFP ne-NFP.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24