Kubulawe osolwa ngokubulala ashumpule umfana, 3, ikhanda

2015-10-21 12:31

Johannesburg - Kubulawe indoda esolwa ngokubulala umfana oneminyaka engu-3 ubudala endaweni yase-Eldorado ngaphandle kwaseBochum eLimpopo.

UFederick Makeke ubeyingane ebihlezi ijabulile ebiletha injabulo emndenini kanti ngesikhathi isidumbu sakhe sesitholakala singenakhanda izakhamuzi zonke zahlasela indoda eyayilungisa uphahla emzini wakubo.

Le ndoda yafunwa yaze yatholwa yabhaxabulwa kanzima yalengiswa.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele oshumpule uzakwabo ikhanda

Isidumbu salo mfana satholwa ngumalume, uMasilo Mpashi, silele edamini legazi emini.

Izakhamuz zikholwa wukuthi lo mfana wabulawela umuthi.

Ngokusho kwaloyo okhulumela amaphoyisa uColonel Ronel Otto  lo mfana nomunye babelele eceleni kwendlu ngesikhathi umsolwa emthatha emfaka kwelinye igumbi lapho okwenzeka khona isigameko, kubika iDaily Sun.

“Umsolwa watalajwa kanzima yizakhamuzi ezazibhodla umlilo ngaphambi kokuba abulawe.”

U-Otto uphinde wathi akukaboshwa muntu ngamacala okubulala kodwa kuyaphenywa.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...