Kubulawe oshadile obejola efihla

2012-09-12 09:00

Durban - Uthando lwabo oluyimfihlo luphethe ngesigameko sokuthi owesifazane oshadile ashaywe abulawe ngembazo, isithandwa sakhe sona salimala, lokhu kwenzeke endaweni yaKwaMadlala eVulindlela ngoLwesibili.

UPhumlani Mtolo, 38, ubesendlini yakhe nesinqandamathe sakhe esineminyaka engu-36 ubudala ngesikhathi behlaselwa ngezithuba zasezintathakusa.

UMtolo, ohlala endlini engaphandle kubo, uthe ubesathe shelele kancane endlini enkulu, kuthe uma esebuya wathola isithandwa sakhe silele phezulu kwegazi.

“Ngibuye ngezithuba zabo-02:00 ngafica egcwele igazi ebusweni bakhe, ngathuka.

“Ngimbuzile ukuthi kwenzekeni, kodwa angibange ngisawagwinya amzwi ami.”

Okulandelile ukuthi naye ezwe ngembazo isikhala ekhanda lakhe.

“Umbulali uphinde wangishaya ngembazo ngemuva kwalokhu waphuma wabaleka, ngibe sengimemeza ngifuna usizo,” kusho uMtolo, obekhuluma neThe Witness ngocingo esesibhedlela e-Edendale.

Owesifazane ushonele endaweni yesehlakalo.

UMtolo uthe ubengazi ukuthi intombi yakhe ibishadile futhi inezingane ezinhlanu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane uthe kuphenywa ngecala lokubulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter




- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...