Kubulawe obhejane abathathu

2013-01-09 09:01

Johannesburg - Kuyaqhubeka ukubulawa kobhejane, njengoba abazingeli sebebulale obhejane abathathu esiqiwini iKruger National Park, kusukela kuqale unyaka, kusho abakwaSA National Parks (SANParks).

"Izilwane zibulawe ngezikhathi ezimbili ezahlukene. Kutholakale isibhamu sohlobo lwe-rifle nezimpondo zobhejane," kusho okhulumela iSANParks, u-Ike Phaahla.

Esehlakalweni sokuqala kudutshulwe kwabulawa obhejane ababili abamhlophe engxenyeni yesiqiwi engaseHoutboschrand.

Isikhulu esiphezulu kwaKruger National Park u-Abe Sibiya, uthe abazingeli yizigilamkhuba eziqhamuka eMozambique, laba banquma izimpondo zobhejane mhla lulunye enyangeni.

Abasolwa abakabanjwa.

Esehlakalweni sesibili kube nokudubulana phakathi kwabasebenzi basesiqiwini nabazingeli.

"Lena akusiyo neze indlela efanele yokuqala unyaka," kusho uSibiya esitatimendeni.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-27°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...