Kubulawe obesolwa ngobugebengu eKZN

2012-01-20 12:43
Yabelani Shicilela

Durban - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal athi kushone isigebengu kwathi esinye salimala ngesikhathi zidubulana nephoyisa ebelingekho emsebenzini eNewdawn Park, eNewlands.

Amadoda amathathu abehlomile ahlasele owesifazane, 62, ekhaya lakhe eNewdawn Park ngoLwesine. Banxenxe ukhiye walapho kuhlala khona amagugu bafuna nemali, kusho uCaptain Thulani Zwane.

"Bavalele lo wesifazane nezingane zakhe ezimbili egumbini lokugezela ngaphambi kokweba izinto zasendlini," esho.

Lo mndeni ube sewazisa iphoyisa elihlala khona egcekeni ngalesi sigameko.

"Lithe lisondela iphoyisa balidubula esifubeni nalo laziphindisela," kusho uZwane.

Zibe seziyabaleka izigebengu, oyedwa wazo wasala enkundleni.

Iphoyisa liphuthunyiswe esibhedlela, kusho uZwane.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-20°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-23°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 15-25°C Sunny. Mild. PE: 14-26°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...