Kubulawe izaguga eF State

2012-09-10 13:29

Johannesburg - Kutholakale abashadikazi asebekhulile bebulewe epulazini labo eliseTrompsburg, kusho amaphoyisa aseFree State ngoMsombuluko.

UJohan Fourie, 70, noCecile Fourie, 73, bagcina ukubonakala bephila ngabo-14:00 ngeSonto ngemuva kokuzikhiphela edolobheni nendodana yabo, kusho uCaptain Harry Nagel.

"Kusolakala ukuthi abahlaseli bangene emzini wabo ngesikhathi bengekho base beyabalinda."

Kuthe uma lezi zithandani zingatholakali uma zifonelwa, zase ziyathungathwa zatholwa zibulewe.

"Akwaziwa okwamanje ukuthi yini ethathiwe, konke kuzocaca uma sesixhumane namalungu omndeni," kusho uNagel.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-25°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Cool. PE: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...