Kubulawe izaguga KwaSwayimane

2012-10-22 12:03

Pietermaritzburg - Ugogo nomkhulu baKwaSwayimane, bagcina ukubonakala bephila ngesikhathi beyohola impesheni yabo, okulandela lapho kwatholakala izidumbu zabo ekhaya labo bebulewe.

Isidumbu sikamkhulu uMfanalo Mkhize, 84, satholaka sidindilize phansi elenga intambo emqaleni, kwathi esikagogo uZamekile Ngidi, 65, sona satholakala sisalenga.

Izidumbu zatholwa ngumakhelwane obezobabheka njengoba wabe ebaphathise impuphu emholweni.

Isibhamu sikaMkhize besithathiwe, umuzi walezi zaguga uqhelelene nabantu abaningi njengoba kumele uwele umfula uma ufuna ukufinyelela kuwo.

Lokhu kuhlasela sekuphinde kwavusa intukuthelo emphakathini waKwaSwayimane, njengoba ngenyanga kaJulayi kwadlwengulwa ogogo ababili, oneminyaka engu-94 ubudala nomunye oneminyaka engu-84 ubudala.

Indodana kaMkhize uKumakwakhe, 55, uthe umndeni uthuke kakhulu ngalokhu kubulala.

Ababulali bathathe kuphela isibhamu sikamkhulu, akekho oseboshiwe.








  Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- The Witness

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili engozini e-KZN

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 9-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-18°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...