Kubulawe isigebengu ebesesihlabene no-R20 000

2012-11-27 10:00

Johannesburg - Kudutshulwe indoda yashona ngemuva kokuthi ekhombe owesifazane ngesibhamu wamphuca imali elinganiselwa ku-R20 000 eSoweto, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoLwesibili.

Ubengomunye wamadoda amabili aphuce owesifazane isikhwama esitolo eDobsonville, kusho uWarrant Officer Kay Makhubela.

"Lo wesifazane ubeyokhokhela izimpahla azithengile njengoba enebhizinisi lakhe ngesikhathi ehlangana nezimbila zithutha," kusho uMkhubela.

Obone kwenzeka lesi sigameko udutshulwe emzimbeni ngesikhathi ezama ukulekelela.

Kube sekuthintwa amaphoyisa nabe esejaha izigilamkhuba azifica emathuneni aseDoornklop.

Kuqubuke impi yezulu lezandla phakathi kwamaphoyisa nezigebengu, esisodwa sasala enkundleni, kwathi esinye sabaleka.

Kuvulwe icala lokufa komuntu nelokuzama ukubulala.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-15°C Afternoon clouds. Cool. Pta: 8-19°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 5-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Bloem: 6-9°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 12-14°C Tons of rain. Mostly cloudy. Cool. PE: 11-14°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...