Kubulawe isalukazi emzini waso eThekwini

2015-11-05 10:12

Durban - Umphakathi wasendaweni yasePhoenix usashaqekilengemuva kokubulawa kwesalukazi esineminyaka engu-80 ubudala emzini waso ngoLwesithathu ngezithuba zabo-13:34.

Amalungu amaphopyisa ophiko lwe-SAPS aphuthume endaweni yesigameko ngemuva kokuthola izingcingo ezingapheli ezivela komakhelwane ngemuva kokuba oyedwa womakhelwane obethi uyovakashela isisulu uMari Moses emzini waso oseBirchmore Place, eStanmore.

OLUNYE UDABA: Kubulawe isaguga kubanjwa inkunzi

 Ngesikhathi isisulu singawuvuli umnyango kungqongqozwa lo makhelwane uvele wavula washaqeka esebobna lesi salukazi sidindilize phansi ekhishini namaxeba okugwazwa emzimbeni.

Umufi ugwzwe amanxeba amathathu emqaleni amane ngasebeleni elingasobunxele, izibazi nokushaywa nokushiswa esiswini.

Imbangela yokubulawa kwalesi salukazi ayaziwa nomslwa akaziwa okwamanje.

Ngokwesitatimende akukho okuthathiwe emzini walesi saguga.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...