Kubulawe isalukazi e-PE

2012-11-06 14:02

Johannesburg - Owesifazane oneminyaka engu-93 ubudala, utholakale ebulewe efulethini lakhe elisePort Elizabeth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesibili.

"Ugogo lona ubehlala yedwa efulethini lakhe, isidumbu sakhe sitholwe ngumsebenzi wasendlini ngoMsombuluko," kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Sandra Janse van Rensburg.

Ugogo lona nguMarjory Uren, kukholakala ukuthi ushaywe ekhanda ngokuthile okuqinile, akwebiwanga lutho.

Ukubulawa kukagogo kwenza sifinyelele kwabathathu isibalo sabantu abadala asebebulewe kulesi sifundazwe kusukela ngoLwesine, kusho uJanse van Rensburg.

Omunye ugogo wahlaselwa ngommese wabulwa esemzini wakhe oseGwabeni, ngoMgqibelo, lona ubeneminyaka engu-82 ubudala.

Kwesinye isehlakalo kubulawe ugogo oneminyaka engu-83 ubudala, ushonele esibhedlela sakwaCentane ngoLwesine, ebulawa wabe esolwa ngokuthakatha.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu uHelen Sauls-August uthe lezi zehlakalo azinambitheki futhi azixoleleki.




 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyavela ugogo osolwa ngokufa kwengane

Emizuzwini eyi-14 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C Sunny. Mild. Pta: 13-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-26°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 16-19°C a few showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...