Kubulawe iphoyisa ephathini eThekwini

2012-11-05 14:47

Durban - Amaphoyisa asashaqekile ngokubulawa kwephoyisa lishaywa yintsha ephathini eThekwini ngemuva kokuthi iliphuce isibhamu nozankosi, kusho umbiko weThe Mercury.

UConstable Sibonelo Mbambo, 31, yiphoyisa lesishiyagalolunye ukubulawa KwaZulu-Natal kusukela ngoJanuwari.

Abasolwa abayisihlanu kulesi sigameko baboshwe wuphiko olusebenza ngobugebengu obuhleliwe engakapheli amahora angu-24 kwenzeke lesi sigameko.

Iziphathimandla zamaphoyisa eKZN zisigxeke kakhulu lesi senzo, zathi kumele siqine isigwebo kulabo ababulala amaphoyisa.

UMbambo, nobesebenzela esiteshini esisenkabeni yeTheku, ushaywe ngokuthile ekhanda wase egwazwa ngebhodlela esigcemeni sakwa-M eMlazi, ngoMgqibelo ebusuku.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Sunny. Cool. Pta: 5-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-22°C Sunny. Cool. PE: 8-17°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...