Kubulawe iphoyisa eRocklands

2013-01-01 14:00

Johannesburg - Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa endaweni yaseRocklands, ngase-Uitenhage, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Ngokusho kukaCaptain Stanley Jarvis, uWarrant Officer Tessa Steyn, 43, kukholakala ukuthi udutshulwe ngowayengumyeni wakhe uFanus Rautenbach, ngezithuba zawo-04:00.

UJarvis uthi abantwana babo ababili bavuswe wumsindo wokuqhuma kwesibhamu, babe sebethola isidumbu sikaSteyn nesikaRautenbach, kwelinye lamagumbi.

URautenbach udubule uSteyn, ngaphambi kokuthi naye azidubule, kusho uJarvis.

Steyn ubesebenzela esiteshini samaphoyisa eMotherwell, kanti uRautenbach naye wabe eyiphoyisa, nokho kade esesebenzela inkampani yonogada.

Amaphoyisa aseqale uphenyo ngalesi sigameko.






 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 14-21°C Passing showers. Partly sunny. Mild. Bloem: 14-22°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Dbn: 20-29°C Rain late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Showers late. More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...