Kubulawe iphoyisa eHebron

2012-10-31 12:30
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kubulawe iphoyisa likamasipala ngesikhathi lidutshulwa lisemsebenzini eHebron, ePitoli, kusho amaphoyisa kaMasipala waseTshwane ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uConsole Tleane uthe amaphoyisa amathathu ahlaselwe ngesikhathi enza umzungezo ojwayelekile kule ndawo, ngaseGa-Rankuwa, ngoLwesibili ebusuku.

"Babone imoto ebinamalambu angasebenzi base beyimisa, banikeza umshayeli ithikithi," esho.

"Kuthe kusenjalo, amaphoyisa ahlaselwa amadoda athushuke emizini eyakhelene nale ndawo."

Omunye wawo ube esedubula, kwalimala iphoyisa ekhanda.

"Amaphoyisa abe eseyaziphindiselela, kodwa izigelekeqe lezi zikwazile ukubaleka. Amaphoyisa abe esephuthumisa elilimele eLegae Clinic eMabopane," kusho uTleane.

Iphoyisa ebelilimele lishone ngemuva kokuhlinzwa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone abahlanu engozini eFree State

Emizuzwini eyi-44 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-20°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 11-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-28°C Afternoon clouds. Warm. PE: 17-21°C Increasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...