Amaphoyisa adubule amanye eGoli

2013-01-15 08:18
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Kushone iphoyisa kwathi amanye amabili alimala eHillbrow, eGoli, ngesikhathi kuqubuka impi yezulu lezandla namadoda abephanga isitolo, kusho amaphoyisa aseGauteng.

Kube sekuboshwa umsolwa oyedwa kwathi abanye ababili babaleka, kusho uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini.

Amaphoyisa abe esejaha la basolwa ngezinyawo, kanti abengayigqokile imifaniswano.

Abe esehlangana namanye amaphoyisa acabange ukuthi ayizigebengu, ase awadubula.

Kube sekushona elilodwa kwathi elinye lalimala.

I-Independent Police Investigative Directorate izophenya ngalesi sigameko.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-18°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild. Pta: 8-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Sunny. Mild. Bloem: 9-23°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-29°C High level clouds. Pleasantly warm. PE: 12-20°C Rain late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...