Kubulawe iphoyisa eF State

2012-11-20 08:16

Bloemfontein - Iphoyisa elisebenza ophikweni olusebenza ngezimoto ezebiwe eFree State litholwe libulewe epaki engemuva kwehhovisi lakhe eWelkom, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Puleng Motsoeneng uthe lo kaputeni, 44, ubegwazwe entanyeni.

Ubelimele kabi emadolweni nasekhanda, nokukhombisa ukuthi abahlaseli bakhe kungenzeka ukuthi bamshayise ngemoto.

Unkosikazi wakhe ubegcine ukumbona ngeSonto ngabo-19:52.

Utholwe nguzakwabo obedlula ngesikhathi ebona imoto iyodwa epaki.

Imbangela yokubulawa kwaleli phoyisa ayikaziwa kanti akukaboshwa muntu.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-26°C High level clouds. Mild. Pta: 18-28°C Scattered showers. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-22°C a few tstorms. Broken clouds. Mild. Bloem: 18-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-28°C Partly cloudy. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...