Kubulawe indoda ngaphandle kwesitolo eKapa
2013-02-07 14:05
Western Cape – Kudutshulwe kwashona indoda ngaphandle kwesitolo esise-Atlantis, kanti kuze kube yimanje ayicaci imbangela yalesi senzo esishiye umphakathi ushaqekile, kubika iCape Argus.
Le ndoda eneminyaka elinganiselwa kwengu-30 ubudala, ibisemotweni yayo ngaphandle kwasesitolo emgwaqeni uGrosvenor Road ngezithuba zabo-14:00 ngesikhathi idutshulwa.
Oshayasibhamu babalekile kanti akukaboshwa muntu, kusho amaphoyisa.
“Imbangela yalokhu kudubula ibingakaziwa. Abasolwa babalekile kanti lolu daba lusaphenywa,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Andre Traut.
Ikhansela lase-Atlantis uBarbara Rass lithe lithole imiyalezo ebivela kubantu bembikela ngalesi sigameko.
“Le ndoda ihlala endaweni engaphansi kwami kodwa idutshulwe ikwenye indawo, kwelinye iwadi.”
“Ngikhulumile neMeya kanti sizoba nomhlangano ngoLwesihlanu kanye noNgqongqoshe wezokuPhepha esifundazweni ngenhloso yokuzama ukungenelela e-Atlantis.”
URass uthe muva nje sezandile izehlakalo zokudutshulwa kwabantu e-Atlantis – lokhu akwamukelekile.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24