Kubulawe ikhehla eW Rand
2013-02-15 10:01
Johanneburg - Kutholakale ikhehla, 75, libulwe emzini walo oseWeltevreden Park, eRoodepoort, ngemuva kwamahora lingafikanga esikoleni ukuyolanda abazukulu, kubike iphephandaba iBeeld ngoLwesihlanu.
UWarrant Officer Karen Jacobs uthe indodakazi kaDerek Cornelius, uLindsay, iye kulo muzi ngoLwesithathu ntambama yathola isidumbu sikababa wayo egumbini lokulala.
"Uhlezi elanda izingane esikoleni. Ube nokusola ngesikhathi engafiki, wase eya kubo.”
UJacobs uthi kubukeka sengathi uCornelius ushaywe waze washona, kodwa ukuhlolwa kwesidumbu yikho okuzobanika izimpendulo.
"Azikho izimpawu zokuthi kungenwe ngendluzula, kodwa kwebiwe amaselula amabili ne-Xbox.”
Omakhelwane bakaCornelius bathi sezandile izigameko zobugebengu kuleya ndawo, kanti izakhamuzi zikhathazeke kakhulu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA