Kubulawe ibhungu kweyezikhothane
2013-01-16 07:45
Johannesburg - Ibhungu lasePimville, eSoweto, lendele koyisemkhulu kulandela ingxabano equbuke phakathi kwalo nezikhothane ngempelasonto, kusho umbiko weSowetan.
Izikhothane zidume ngempilo yobukhazikhazi nokuthanda izimpahla zikanokusho, nalapho izimbangi zihlangana khona bese kushiswa imiswenko.
UThato Motale, 18, wagwazwa kabili esifubeni ngoMgqibelo ebusuku, washonela endleleni eya esibhedlela.
Umzala kaMotale, 16, uthi ubenganakile ezihambela ngesikhathi kuqhamuka esinye sezikhothane simchapha ngenhlamba.
"Kuthe ebusuku ngalo lelo langa zabuya izikhothane, kwaqubuka impi kwagwazwa uMotale," esho.
Okhulumela amaphoyisa aseKliptown uConstable Zanele Bens uthe kuvulwe icala lokubulala, umsolwa uboshiwe.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24