Kubulawe ibhungu eKapa

2013-01-17 10:01

Cape Town - Kudutshulwe kwabulawa ibhungu e-Ottery ngoLwesine ekuseni, kusho amaphoyisa aseWestern Cape, kanti kusolwa umbango wamaqembu ezigelekeqe.

"Ngingasiqinisekisa lesi sigameko, kodwa imininingwane izolandela," kusho uCaptain Frederick van Wyk.

Ikhansela le-ANC uMajidie Abrahams, nobesendaweni yesehlakalo, uthe lo mfana ubeyothenga isinkwa ngesikhathi edutshulwa phambi kwakubo ngaseLotus High School.

"Isidumbu sakhe sisadindilize lana kanti nezingane azisakwazi ukuya esikoleni ngenxa yokwesaba," esho.

"Lesi sigameko sihlobene nodlame lwamaqembu ezigelekeqe njengoba kubangwa indawo yokudayisa izidakamizwa."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-24°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...