Kubulawe elinye ilungu le-IFP KwaMashu
2012-11-20 08:33
Durban - Kudutshulwe kwabulawa ilungu leNkatha Freedom Party (IFP) elineminyaka engu-37 ubudala elokishini laseThekwini, KwaMashu, nokubuka kunyusa uthuthuva kuleya ndawo.
Abantu ababalelwa ku-400 bebezungeze isidumbu becula ngesikhathi umndeni ukhihla isililo.
Kube sekujutshwa amaphoyisa ngokushesha kulesi sigceme sakwa-A.
Akazange ahlonzwe lo wesilisa, kodwa amalungu e-IFP amqinisekise njengoSihlalo weqembu kuleya ndawo.
Amaphoyisa awazange atholakale ukuba aphawule njengoba bekungakacaci noma lokhu kubulala kuhlobene na nezepolitiki.
Sekuphele izinyanga i-IFP neNational Freedom Party bebhekene ngeziqu zamehlo kuleya ndawo.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA