Kubulawe elinye ilungu le-ANC eKZN

2012-08-20 08:37

Durban - Kudutshulwe kwashona ikhansela le-ANC eMtshezi, uJimmy Lembede, kwalimala unkosikazi wakhe nendodakazi kulesi sigameko sokuhlasela ngesikhathi kugasela amadoda angaziwa nenze sengathi azocela usizo.

Kulesi sigameko indodana kaLembede, uNzuzo, 11, nongalinyazwanga yisibhamu, ushe kabi ngesikhathi inhlamvu ishaya ibhodwe eligcwele amafutha abilayo lasi liwela phezu kwakhe.

UNzuzo, umama wakhe, uBusisiwe, nodawewabo, uNontando, 5,  bangeniswe esibhedlela.

Abangani bakaLembede bakholelwa ekutheni lokhu kuhlasela kuhlobene nezepolitiki.

Lokhu kuza nje uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uNathi Mthethwa ethe makuphenywe ngokubulawa kwabantu abayamaniswa nepolitiki eKZN.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- The Witness

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-12°C Heavy rain. Cloudy. Cool. Pta: 10-16°C Rain showers. Mostly cloudy. Cool.
Jhb: 5-10°C Showery. Clearing skies. Cool. Bloem: 0-11°C Tons of rain. Morning clouds. Cool.
Dbn: 12-21°C Passing showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 9-15°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...