Kubulawe asebekhulile eBloemfontein

2013-01-15 16:25
Yabelani Shicilela

Boemfontein - Kutholakale izidumbu zabantu abadala bebulewe epulazini labo eSomerset, ngaseParys, kusho umbiko wamaphoyisa ngoLwesibili.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thandi Mbambo uthi laba bashadikazi batholakale esitolo sabo esisegalaji ekhaya.

"Indoda itholakale ilele phansi iboshwe izinyawo, ekhanda imbozwe ngopulasitiki. Owesifazane yena ubevalelwe efrijini.”

Laba bebengenazibazi ezibonakalayo, kusho uMbambo.

Izidumbu zifakwe emakhazeni kahulumeni, zizohlolwa kubonakale imbangela yokufa kwabo.

Amaphoyisa athi isisebenzi sasendlini sifike emsebenzini ngezithuba zawo-07:30 sathungatha laba sangabathola kwaze kwaba sibiza
umakhelwane sathungatha naye, kwama kutholakala izidumbu.

Akekho oseboshiwe ngalokhu kubulala, amaphoyisa ayaphenya.


 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 10-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 15-25°C Mostly sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...