Kubulawe abathathu erenki eWanderers
2012-11-20 16:28
Johannesburg - Abantu abathathu badutshulwe babulawa erenki yamatekisi eWanderers, eGoli, kusho amaphoyisa aseGoli, ngoLwesibili.
Amaphoyisa asola ukuthi ukubulawa kwalaba kuhlobene nodlame lwamatekisi oluqhubeka endaweni, kusho uCaptain Pinky Tsinyane.
Abanye abantu ababili balimele bangeniswa esibhedlela, umbiko wezindaba zakwaSABC uthi omunye wamadoda adubuleke ashona bekungumuntu obemile erenki, lona ushonele endaweni yesehlakalo.
Akukaboshwa muntu ngalesi sehlakalo, amaphoyisa asaphenya, kusho uTsinyane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24