Kuboshwe umshushisi ngelenkohlakalo eKZN

2012-10-09 08:28

Durban - Umshushisi womphakathi osebenza eNkantolo yeMantshi yaseMnambithi uboshiwe kulandela izinsolo zenkohlakalo, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Lo mshushisi, 37, obesebenza enkantolo yamacala amathikithi omgwaqo, ubefuna amantshontsho kulabo abanamathikithi ukuze kuzosuswa amagama abo ohlwini lwabaphambene nengalo yomthetho, kusho uColonel Jay Naicker.

Abantu abathathu baya emaphoyiseni ngemuva kokuthi lo mshushisi efune ukugwazelwa.

Ube esebekwa amacala amathathu enkohlakalo nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho.

Kulindeleke avele enkantolo kungekudala.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...