Kuboshwe umshayeli weloli eKZN

2012-09-20 16:21

Durban - Amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal asebophe umshayeli weloli obanjwe eshayela eqise ophuzweni oludakayo ngokuphindwe kasishiyagalombili, kubika abezindaba zeNewswatch.

Umshayeli ubanjwe emgwaqeni onguN2 ngasePark Rynie.

Okhulumela ezemigwaqo uZinhle Mngomezulu uqinisekise ukuboshwa kwalo mshayeli oneminyaka engu-45 ubudala.

"Uhlulekile ukuma ngesikhathi emiswa, amaphoyisa abe esemjaha."

"Ube esema wase ehlolwa, kutholakale ukuthi weqise otshwaleni ngokuphindwe kasishiyagalombili. Ubekwe necala lokushayela budedengu."




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-19°C Sunny. Mild. Pta: 10-26°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-22°C Sunny. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 15-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...