Kuboshwe umshayeli kandunankulu waseKZN

2012-08-01 08:29

Durban - Kuboshwe umshayeli kaNdunankulu waKwaZulu-Natal uZweli Mkhize ngezinsolo zokubanjwa ehamba ngesivinini eseqile eshayela edle amanzi amponjwana kuN2 ngaseMthunzini, kubika iThe Witness ngoLwesithathu.

Ngokwemithombo yaleli phephandaba izinga lotshwala egazini likalwe laba ngu-0.84 nokuyisilinganiso eseqe ngokuphindiwe ku-0.05 ovumelekile.

Ubanjwe ehamba ngo-183km/h emgwaqeni okuvumeleke u-120km/h kuwona ngoLwesibili ebusuku.

OweRoad Traffic Inspectorate Zinhle Mngomezulu ukuqinisekisile ukuthi lo wesilisa oboshiwe ungumshayeli kaMkhize.

Okhulumela uMkhize uNdabezinhle Sibiya uthe undunankulu ubengekho emotweni ngaleso sikhathi.

Akucaci noma le ndoda ibishayela imoto yayo noma eyoMbuso na.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Owesilisa uvume elokunklinya intombi

Emizuzwini eyi-45 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-29°C Scattered showers. Partly sunny. Warm.
Jhb: 16-24°C Scattered showers. More clouds than sun. Mild. Bloem: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C Partly cloudy. Warm. PE: 19-27°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...