Kuboshwe umnikazi wamakhaza ngokukhwabanisa
2012-12-24 13:02
Johannesburg - Kuboshwe
umnikazi wamakhaza nowesifazane ngaseMbilo, eThekwini, kulandela ukuthi laba
besebenzise isidumbu ukwenza inkohlakakalo befuna imali yomshwalense, kusho amaphoyisa
ngoMsombuluko.
Owesifazane,
35, wenza isitifikeni sokuzalwa sika-Aphiwe Ntombela, ongakaze abekhona, kusho
okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Vincent Mdunge.
Wabe
esejoyina imishwalense ka-R950 000 isiyonke, ngaye lo Aphiwe mbumbulu,
ejoyina imishwalense emithathu ehlukene. Wakhokha imali yazinyanga zonke
ekhokhwaya.
"Ngesikhathi
ama-policy esevuthiwe waba nenkinga ngoba kwadingeka abulale umuntu ongakaze
abekhona,” kusho uMdunge.
"Ukuze
akwazi ukulungisa le nkinga eyesebhekene nayo, waya emakhazeni eMlazi
wacela ukubolekwa isidumbu sowesifazane khona, ukuze isidumbu siyiswe
kudokotela, aqinisekise ukushona, bese kutholakala isitifiketi sokushona.”
NgoLwesithathu
olwedlule umnikazi wamakhaza oneminyaka engu-42 ubudala, wathatha isidumbu
sowesifazane emakhazeni akhe wasiyisa emakhazeni aseThekwini, okuyilapho afika
wathi khona esika-Aphiwe Ntombela.
"Udokotela
wasibona isidumbu, waqinisekiswa njengomuntu oshonile."
Isitifiketi
sokushona saphuma, lona wesifazane wasisebenzisela ukuthola izimali
zomshwalense ngomgunyathi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA