Kuboshwe ummeli ngelokugwazela eKZN

2012-12-05 12:03

Durban - Kuboshwe ummeli ngezinsolo zokugwazela umseshi, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngoLwesibili.

UBonginkosi Ngcobo, 49, uboshwe ngoMsombuluko eMzinto, kusho uCaptain Thulani Zwane.

UNgcobo kusolakala ukuthi ufonele umseshi waseMzinto, emcela ukuba angasiphikisi isicelo sebheyili esizofakwa yikhasimende lakhe elithweswe icala lokuduna imoto.

Kusolakala ukuthi uthembise ngokukhokhela umseshi u-R5 000.

"Umseshi ube eselubikela uphiko lwezobugebengu obuhleliwe lolu daba kube sekwenziwa uphenyo oluholele ekutheni umsolwa aboshwe,” kusho uZwane.

Amaphoyisa athathe u-R3 000 okusolakala ukuthi iwona okugwazwe ngawo.

UNgcobo uvele eNkantolo yeMantshi eMzinto ngawo uMsombuluko kanti udedelwe ngebheyili ka-R5 000.

Uthweswe icala lokugwazela.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...