Kuboshwe udokotela mbumbulu ePMB

2011-10-07 07:29

Pietermaritzburg - Lowo osolwa ngokuhushula abesifazane izisu, nongudokotela mbumbulu odabuka e-Uganda, ugcinwe esitokisini emuva kokuvela enkantolo ngalezi zinsolo.

Kuthiwa unomtholampilo ongekho emthetwheni kuFraser Lane eMgungundlovu.

UJonnathan Kinane, 27, waseChase Valley ubekwe amacala okuhushula abantu izisu ekubeni engabhalisiwe njengodokotela noma unesi.

Umshushisi uRene Padayachee utshele inkantolo ukuthi uKinane angase abekwe amanye amacala ngaphezulu, kanti ube esenqatshelwa ibheyili.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- The Witness

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Sunny. Mild. Pta: 19-28°C Scattered showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Scattered showers. Morning clouds. Warm. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 23-29°C Breaks of sun late. Warm. PE: 18-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...