Kuboshwe ubaba ngokufa kwendodana
2012-12-11 14:32
Johannesburg - Sekuboshwe ubaba wengane yomfana etholakale ibulewe yalahlwa engqonyeni kadoti, eSoweto, eGoli.
Amaphoyisa akhiphe lo mbiko ngoLwesibili.
Umfanyana oneminyaka engu-11 ubudala, waseJabavu, wanyamalala isikhathi esiyisonto, kwathi ngoMgqibelo kwatholakala isidumbu sakhe emgqonyeni kadoti, kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant Officer Kay Makhubela.
"NgoMsombuluko ngesikhathi kuqhutshwa uphenyo, kutholakale ubufakazi obuthile. Sekuvulwe icala lokubulala."
Kutholakale igazi ezimpahleni zikababa womfana ebezilahlwe emgqonyeni, la kutholakale khona isidumbu sengane.
Ingane ibiphulwe imilenze nomqala.
Umsolwa oneminyaka engu-47 ubudala uvalelwe esiteshini samaphoyisa eMoroka, kulindeleke avele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesine.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).