Kuboshwe owesithathu ngokufa kwephoyisa

2013-01-21 14:03

Durban - Kuboshwe umsolwa wesithathu mayelana nesigameko sokuthunjwa nokubulawa kwephoyisa lasePitoli, ngokombiko wamaphoyisa.

Owesifazane, 26, uboshwe maphakathi neKwaZulu-Natal, e-Estcourt ekuseni ngoMsombuluko, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Lungelo Dlamini.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yasePiloti ngoLwesibili.

UMajor Abram Tselana, 45, wagcina ukubonakala eyokhipha imali engu-R23 000 ebhange elisenkabeni yePitoli ngoDisemba 31.

Kwaqhamuka owesifazane wase ehamba naye ngemoto ebomvu eyi-VW Jetta.

Ezinsukwini ezine ezalandela kwatholakala isidumbu sikaTselana ngakuPaul Kruger Street ePitoli enenxeba elivulekile ekhanda.

Kwaboshwa abanye abasolwa ababili kanti uDlamini uthi basathungatha abanye.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone abathathu kushayisana izimoto

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-16°C Showery. Morning clouds. Cool. PE: 12-17°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...