Kuboshwe owayedlalela iCeltic

2012-12-04 16:34
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Owabe edlalela iBloemfontein Celtic uboshwe ngamaphoyisa kulandela izinsolo ezithi ujikijele ngebhomu imoto kankosikazi wakhe, naye ekhona phakathi.

Lesi sehlakalo senzeke emzini walaba oseWilgehof, eBloemfontein, kusho amaphoyisa aseFree State, ngoLwesibili.

Umsolwa oneminyaka engu-34 ubudala uboshwe ngoMsombuluko, kusho uCaptain Chaka Marope.

Kuthiwa lona ujikijele imoto ngebhomu yokuzakhela, lokhu kwenzeke ngemuva kwengxabano abe nayo nomkakhe.

"Imoto igqamuke amalangabi, owesifazane uthole ukusha ebusweni nasemilenzeni,” kusho uMarope.

Lona wesifazane uhlengwe ngomakhelwane wase engeniswa esibhedla.

Umyeni wakhe kulindeleke avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseBloemfontein ngoLwesine, ubhekene necala lokuzama ukubulala nokucekela phansi impahla,





 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone indoda engozini yeloli

Emizuzwini eyi-14 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...