Kuboshwe owakha itulo lokubulala unkosikazi
2012-11-05 08:30
Ingrid Oellermann, The Witness
Pietermaritzburg - Owesilisa waseMgungundlovu ukhalelwe amasongo kaSigonyela ngemuva kokutholakala kokuthi ubakha itulo lokubulala unkosikazi wakhe weminyaka engu-21.
UDave Williams, 52, ugwetshwe iminyaka eyishumi ebhadla ejele, kwathi emithathu yalengiswa.
Ube eseyiswa esitokisini ukuze ezoqala isigwebo sakhe ngokushesha.
Ummeli wakhe uNasen Naicker, utshele iThe Witness ukuthi ikhasimende lakhe belizimisele ngokuthi lizothola isigwebo esilengisiwe.
Kuthiwa uWilliams wayefuna ukubulala unkosikazi wakhe ngoba "unesicefe futhi uyisinama", nokwagcina kungaphumelelanga.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness