Kuboshwe owagwazela ezikhulwini

2011-11-24 11:17

Johannesburg - Umqashi wabasebenzi basezindlini owazama ukugwazela umsebenzi woMnyango wezabaSebenzi utholwe enecala wanikwa inhlawulo ka-R3 000 noma izinyanga eziyisithupha edonsa ejele yiNkantolo yeMatshi eFicksburg, kusho uMnyango ngoLwesine.

U-Ishmail Ahmed utholwe enecala ngoLwesibili, ngemuva kokuvuma ukugwaza ngo-R800.

Ubegwaza ngoba efuna kusulwe icala alifakelwa izisebenzi zakhe ezazikhala ngokuthola amaholo amancane, kusho isikhulumi uWisani Mabasa.

Laba besifazane abasebenzele u-Ahmed izikhawu ezikhukene, bafaka isimangalo emnyangeni sokuthi bakhokhelwa u-R170 umnuntu eyedwa esikhundleni sika-R1 506.35 ngenyanga njengomgomo wezabasebenzi basezindlini.

Ngesikhathi umsebenzi womnyango ukhuluma naye, u-Ahmed wathembisa ukumgwazela, nokwaholela ekuboshweni kwakhe ngoKlebe ngoMashi.

Imali engango-R4 940.62 ebisasele obekumele ayikhokhele abasebenzi bakhe, umnyango ukwazile ukuyithola wakhokhela abanikazi bayo, okwakungabasebenzi ba-Ahmed ababili.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Uyalelwe ukuba akhokhe u-R7.8m uZuma

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-13°C Showers early. Morning clouds. Cool. Pta: 3-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-18°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-16°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...