Kuboshwe owadlwengula kubuka abantu
2013-01-03 13:01
Johannesburg - Sekuboshwe ibhungu elisolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-17 ubudala, eyadlwengulwa eshibhini eJabulani, eSoweto, ngoLwesine.
"Babephuza, indoda yase imdumela imkhumula izingubo imdlwengula kubukela abantu," kusho okhulumela amaphoyisa uWarrant
Officer Kay Makhubela.
Ngemuva kwesehlakalo intombazana yanikela esiteshini samaphoyisa yayovula icala, yabuyela eshibhini namaphoyisa, umsolwa bamfica ezihlalele engazi nanyaka.
Kulindeleke ukuthi umsolwa avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseProtea ngoLwesihlanu.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).