Kuboshwe otholakale nesibhamu sokwebiwa
2012-12-28 11:02
Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape abophe owesilisa ngemuva kokulunywa indlebe ngokuthi unesibhamu sokwebiwa, kusho wona amaphoyisa ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Nkosikho Mzuku uthi amaphoyisa aye kule ndoda, 58, isesontweni eMdantsane.
"Amaphoyisa abe esesesha imoto yakhe athola isibhamu."
Kuthiwa indoda ibingenayo ilayisensi yesibhamu, kanti kubikwa ukuthi sebiwa eminyakeni eyishumi eyedlule, kusho uJansenville.
Umsolwa uzovela enkantolo maduze.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA