Kuboshwe othisha ngokulimala komfundi eKZN
2012-03-23 08:32
Johannesburg - Kuboshwe othisha abane KwaZulu-Natal mayelana nokushaya umfundi kanzima ngendlela yokuthi alimale esithweni sakhe sangasese, ngokusho kombiko ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala lokushaya ngoLwesine, nathi lavulwa ngenyanga eyedlule esiteshini samaphoyisa eNsikeni eMzimkulu, kubika iThe Witness.
Akukacaci kahle ukuthi labo thisha bazovela nini enkantolo.
Lo mfana uthi washaywa imivimbo engu-12 ezinqeni nemithathu esandleni ngoJanuwari, wathi evuka ngakusa wezwa izinhlungu esithweni sangasese.
Udokotela wathola ukuthi izigaxa zegazi zavimba ukuhamba kwegazi nokwadingeka ukuthi lo mfundi ahlinzwe.
UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN uSenzo Mchunu uthe uyazi ukuthi izingane zisashaywa ezikoleni, kodwa othisha bakwenza lokho ngokuthanda kwabo.
OweSadtu uLindani Mkhize uthe bamelene nokushywa kwezingane ngenxa yokuthi akukho emthethweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA