Kuboshwe onogada ngokudutshulwa komfana eLindelani

2015-04-15 07:05

Durban – Kuboshwe onogada ababaili mayelana nokudutshulwa komfana, 14, ngesikhathi abantu bezitapela impahla ezitolo zabokufika eLindelani, ngaphandle kwaseThekwini, kusho iGumede Protection Services.

Labo nogada, abangaphansi kweGumede Protection Services, kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesithathu, kusho okhulumela inkampani uSizwe Zungu.

OLUNYE UDABA: Sekushone abane kuhlaselwa abokufika

UZungu uthe umnikazi wesitolo wayehlaselwa, wase ebiza onogada bale nkampani ukuba bazomelekelela ngesikhathi isixuku siqaqa uphahla lwesitolo sakhe.

Kuthiwa onogada babe sebeyadubula ngemuva kokuthi isixuku sidubule kuqala.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe lo mfana udubuleke ngabo-22:30 ngoMsombuluko ebusuku KwaNdlanzi.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...