Kuboshwe ongqongqoshe eN Cape

2012-11-21 14:04

Johannesburg - Ongqongqoshe ababili baseNorthern Cape bekanye nabanye abantu abahlanu, baboshiwe mayelana nezinsolo zenkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokusebenzisa budedengu imali, kusho uphiko loKlebe.

"Ongqongqoshe ababili kanye nezikhulu ezintathu zakwaSA Social Service Agency kanye nabanye abantu ababili baboshwe ngamaphoyisa ophiko loKlebe ngoLwesithathu ekuseni," kusho okhulumela uphiko uCaptain Paul Ramaloko.

"Laba babhekene namacala ahlanganisa inkohlakalo yezigidi zamarandi, konke lokhu bekwenzeka eKimberley. Abasolwa kulindeleke bavele ngaphambi kwenkantolo ngoLwesithathu (namhlanje)."

URamaloko uthi ukuboshwa kwalaba kuhlobene nenkohlakalo eyaqala kusukela ngoMeyi 2005 kuya kuDisemba 2009.

"Angeke ngidedele umbiko otheni, abasolwa bengakaveli ngaphambi kwenkantolo," echaza.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Amaphoyisa adubule abulala umsolwa eGoli

Emizuzwini eyi-52 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 9-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-19°C Showers late. Mostly cloudy. Cool. PE: 10-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...