Kuboshwe ongqondongqondo abadunayo
2012-11-06 16:42
Johannesburg - Kuboshwe abantu abayisishiyagalombili abasolwa ngokuba ngongqondongqondo ekudunweni kwezimoto okwenzeka ezindaweni ezihlanganisa iBerea neTheku, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
Amaphoyisa alunywe indlebe azithela emotweni eyiDodge Journey, ebipakwe ngaphandle komuzi othize, imoto yadunwa KwaDabeka ngoMsombuluko, kusho okhulumela amaphoyisa uLietenant Colonel Jay Naicker.
"Bekungekho muntu kulo muzi, bekukhiywe nesango, amaphoyisa abe esecasha alinda abasolwa."
Kube sekungena imoto eyiVolkswagen Polo, ihamba abantu ababili, kuthe uma iseshwa kwatholakala ukuthi yebiwe eMbilo ngoLwesihlanu.
Abasolwa bebelokhu betheleka kulo muzi kanti bazithela phezu kwamaphoyisa, kutholakale inqwaba yezimoto ezebiwa eThekwini nasezindaweni ezakhelene nalo.
Umsolwa oyedwa ubanjwe nesibhamu esingekho emthethweni, uNaicker uthe amaphoyisa akholwa wukuthi abasolwa bayabandakanyeka ezehlakalweni eziningi zokuduna ezenzekale esifundazweni.
Abasolwa bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eThekwini, maduzane.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).