Kuboshwe odlwengule isalukazi, 91, eKZN
2012-10-16 10:01
Chris Ndaliso, The Witness
Pietermaritzburg - Ukusebenzisana kwamaphoyisa nomphakathi kuholele ekuboshweni kwendoda mayelana nokudlwengulwa kwesalukazi, 91, eHayfields, eMgungundlovu.
Le ndoda, 36, iboshwe wuphiko lwamaphoyisa aseMgungundlovu isendaweni yokucima ukoma ekuRetief Street ngoLwesihlanu ebusuku.
Umsolwa ube esevela eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoMsombuluko ngamacala okugqekeza ngenhloso yokuphanga, ukuphanga esebenzisa indluzula, nokudlwengula.
Kuthiwa wangena kulo muzi ngemuva kokusabisa isalukazi ngesando, wabaleka newashi lasesandleni, ikhompyutha nemali engu-R300.
Isusulu sake sasiza le ndoda ngesikhathi izocela ukudla esangweni lakwaso.
Le ndoda yabanjwa ngokuthi umphakathi uyobuka ikhasethi le-CCTV emaphoyiseni, nokuyilapho bayiqaphela khona le ndoda.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- The Witness