Kuboshwe odlwengule indodakazi angayizali
2012-10-29 12:09
Johannesburg - Kuboshwe indoda, 58, ngemuva kokuqubuka kwezinsolo zokudlwengula indodakazi yayo engayizali eZola North, eSoweto, kusho amaphoyisa aseGauteng ngoMsombuluko.
UMakhubele uthe le ntombazane, 12, ibhalele umama wayo incwajana imchazela ngokwenzeka ngesikhathi esemsebenzini ngoLwesihlanu ebusuku, kusho uWarrant Officer Kay Makhubele.
Le ngane yabe isiphuthunyiswa esibhedlela sendawo nalapho kwaqinisekiswa khona ukuthi ingane idlwenguliwe.
Umama wengane wabe esehlaba umkhosi emaphoyiseni, esho.
Le ndoda kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseProtea ngecala lokudlwengula kungekudala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA