Kuboshwe obulale obedlwengula intombi yakhe
2013-01-28 12:04
Johannesburg - Kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseQueenstown
owesilisa ngezinsolo zokubulala enye indoda epulazini, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
Indoda, 35, isolwa ngokugwaza enye, 27, emhlane ngesikhathi idlwengula intombi yayo, ngemuva kwephathi abebenayo kuleli pulazi, kusho uLieutenant Pumzile Makaula.
Umdlwenguli kuthiwa udlwengule lo wesifazane isoka lilele eceleni kwakhe.
Owesifazane, 33, ube esevula icala lokudlwengula kwathi isoka lakhe laboshelwa ukubulala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA