Kuboshwe obulale abebeyokweba naye

2013-02-07 08:16

Port Elizabeth - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ebhokode enye ngommese yashona eMakwayini, eMqanduli, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Le ndoda, 26, ilwe nomngani wayo, 30, ngemuva kokuthi begebenge enye indoda kuyona le ndawo ngoLwesibili.

Bayiphuce u-R1 000 neselula, kusho uMajor Zamukulungisa Jozana.

“Sebegoduka, kuvuke ingxabano endleleni kubangwa lezi zinto ezebiwe. Babe sebelwa omunye wagwaza wabulala umngani."

Umsolwa ube esegcwala amathafa, kodwa wagcina ngokubanjwa ngoLwesithathu kulandela ukuthi amaphoyisa elunywe indlebe.

Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMqanduli ngoLwesihlanu ngecala lokubulala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...