Kuboshwe obezama ukushushumbisa idayimane

2012-11-14 10:03

Johannesburg - Indoda edabuka eLebanon ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International ngesikhathi ibanjwa izama ukushushumbisa idayimane lesamba esilinganiselwa ku-R20 million, kusho uphiko loKlebe.

Amaphoyisa alunywe indlebe ngomlilsa oneminyaka engu-25 ubudala, obesabhanoyini elilibangise eDubai, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Paul Ramaloko.

"Sithole izicucu zedayimane ezingu-220, azigwinye ngemuva kokuthi aboshwe."

Ngenyanga kaMashi, omunye odabuka kulona leli lizwe, oneminyaka engu-27 ubudala, waboshwa ngesikhathi ebanjwa nedayimane lenani elingu-R15 million, uRamaloko uthi amaphoyisa akholwa wukuthi laba bayingxenye yesigejana esishushumbisa amadayimane.

Umsolwa uzovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseKempton Park, ngoLwesine.

Uphenyo luyaqhubeka.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Ezakamuva ngoMaNtuli Zuma

Emizuzwini eyi-13 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...